Amathemba Okhethweni Lokuchibiyela

Written by on 21 April, 2021

By: Bongani Gina

Luyaqhubeka ukhetho lokuchibiyela KwaZulu-Natal, kuma-ward angu 6 akuma Districts okubalwa kuyo yeTheku, yiLembe kanye neHarry Gwala.

Uward-5 wakwaDukuza endaweni yaseLindelani yiwona obhekwe ngabomvu njengoba le ward selokhu kwathi nhlo ingaphansi kwe-IFP.

USipho Mbatha ongusihlalo we-ANC kule ward uthi bazimisele ngokuyiphuca iNkatha iholwe yiqembu elibusayo.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

Khonamanjalo, eMpumalanga Township, Hammarsdale, esentshonalanga yeTheku ku Ward 6, iEFF ithi inalolonke ithemba lokuthi yiyo ezonqoba ihole leliwadi.

uMengameli weANC, uCyril Ramaphosa, ubehambele leliwadi ngesonto eledlule ezokhankasela ogaqele isikhundla sokuba ikhansela lakulendawo.

Kanti usihlalo we-EFF eThekwini uMlebuka Hlengwa usho kanje.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background