Amazwi Enduduzo Ngokudlula kukaNtuli Asaqhubeka Asatheleka

Written by on 18 January, 2021

By: Lindelani Mbatha

iANC Women’s League kulesisifundazwe ithi ilimale kakhulu ngokudlula emhlabeni kukangqongqoshe wezokuphepha uBheki Ntuli.

uNtuli udlule emhlabeni ngempelasonto emvakokuxhinwa wukugula okuhambisana neCovid 19 ekwesinye sezibhedlela eThekwini.

Bangaphezu kuka-279-thousand abantu abahaqwe yileligciwane kulesisifundazwe kanti sekudlule emhlabeni abangaphezu kuka 6-thousand-300.

Oyisikhulumi seANC Women’s League kulesisifundazwe uMbali Frazer uthi uNtuli ubekuthathela phezulu ukukhathazeka kwabantu besifazane ngeGender Based Violence.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.

Khonamanjalo unobhala weSACP kulesisifundazwe uThemba Mthembu, uthi isifundazwe silahlekelwe kakhulu ngo ngo-Ntuli.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background