Amazwi KaMbeki Ayingozi – Umhlaziyi

Written by on 1 June, 2021

By: Lindelani Mbatha

Umhlaziyi wezepolitiki, uProfessor Bheki Mngomezulu, uthi inkulumo kalowo owayengumengameli uThabo Mbeki izoqhuba ukwehlukana okuvele kukhona ku-ANC.

uMbeki ekhuluma namalungu alenhlangano eEastern Cape, udalule ukuthi into eyenza ukuthi angazibandakanyi nemikhankaso yokhetho kusukela ngo-2009 kuya ku2016, ukuthi akukho okuliqiniso eyayikuthembisa abantu baseNingizimu Africa.

Uqhube ngokuthi ubone ngo2019 ukuthi usengakwazi ukukhankasela lenhlangano emvakokuba iwabonile amaphutha ayo enzeke phambilini.

uMbeki waba ngumengameli wokuqala ukuba aphoqwe ukuthi ehle esikhundleli sokuba ngumengameli wezwe ngo-2008, nokulandele owayengumengameli uJacob Zuma yena ophoqwe ukuthi asule ngo-2018.

uMngomezulu uthi lenkulumo kaMbeki izokwenza ukuthi abanye abantu kanye namalungu e-ANC bacabange ukuthi usasho lokhu okushiwo ngabanye abaholi balenhlanga, abachaza isikhathi sokubusa kukaZuma njengeminyaka lapho iANC engenzanga kahle khona abakubiza ngo-9 wasted years.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background