Amehlo Athe Njo Kwizingxoxo Zokunyuka Kwamaholo Abasebenzi Bakahulumeni

Written by on 22 April, 2021

By: Zilungile Mkhize

UNgqongqoshe wezemisebenzi yomphakathi, uSenzo Mchunu, uthi bazimisele ngokuphuma nesixazululo esivuna wonke umuntu ezingxoxweni  mayelana namaholo nemihlomulo yabasebenzi bakahulumeni.

Izinhlaka ezimele umnyango kaMchunu, izinyunyana ezimele izinkulungwane zabasebenzi kanye nabaxazululi kulezingxoxo, bazohlangana namuhla phambi komkhandlu odingida ezithinta abasebenzi.

UMchunu usetshele isithangami sabezindaba ePiloli, ukuthi ngeke bakuvumele ukuba lezingxoxo zingahlonishwa zisetshenziswe ukufeza izimfuno zabathize abazama ukususa udweshu phakathi kwabasebenzi nohulumeni.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

Khonamanjalo okhulumela Public Service Association, uClaud Nicker, uthi uma bengeneme ngokuzodingidwa kulezigxoxo, izinyunyana zizimisele ukungenela isiteleka esikhulukazi.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background