[ANALYSIS] Ikuphi Asakwenzile u-Ramaphosa?

Written by on 10 February, 2022

By: Lindelani Mbatha

Ungoti wezomnotho uDante Mashile uthi umengameli uCyril Ramaphosa kuzomele atshele izwe ngasekwaze ukukwenza njengoba sekuzophela ihlandla lakhe lokuqala ekulesisikhundla.

Umengameli uzothula inkulumo yakhe ayibhekise ezweni, i-SONA, namhlanje ebusuku ngezinhlelo zikahulumeni.

Kusukela athatha lesisikhundla ngo-2018, wathembisa ukulwa nenkohlakalo, ukuqinisekisa ukuthi kukhona uzinzo kuhulumeni kanye nokukhulisa umnotho.

Kodwa kusukele kwabheduka iCOVID-19 kuleli, izinga lenkohlakalo linyuke ngamandla ngenxa yokuthengwa kwamaPPE’s, amathuba emisebenzi ehla ngamandla, umnotho wafadalala.

U-Mashile uthi manje sekuyisikhathi sokuthi uRamaphosa abheke umsebenzi wakhe asewenzile kusukela aba ngumengameli.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background