[ANALYSIS] Ikuphi Ekufanele Athinte Kukona u-Godongwana?

Written by on 23 February, 2022

By: Lindelani Mbatha

Ungoti wezomnotho uDante Mashile uthi ungqongqoshe wezezimali uEnoch Godongwana kuzomele achaze kabanzi ngezinhlelo zikahulumeni zokubhekana nenkinga kagesi kuleli.

U-Godongwana kulindeleke ukuthi namhlanje ntambama athule isabelomali sakhe sokuqala kusukela aqokelwa kulesisikhundle ngonyaka owedlule.

Kulindeleke ukuthi ungqongqoshe ethule isabelomali esisezingeni eliphansi esihambisana nemibandela ayisho ngesikhathi ethula isabelomali saphakathi nonyaka ngo-November.

U-Mashile uthi inkinga enkulu uGodongwana okumele abhekane nayo ukushoda kukagesi, nathi lokho kwenza kubenzima ukuthi umnotho ukhule ngendlela kuphinde kudaleke amathuba emisebenzi.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background