Andile Jali sekumele akhethe phakathi kwe-Cape Town City FC noma i-Orlando Pirates.

Written by on 10 June, 2023

By: Simtho Dladla

Prosport International CEO uMike Makaab ophethe u-Andile Jali useqinisekisile ukuthi sekusele amaqembu amabili kuphela agaqele isibabuli somdlali wakuleli.

Iqembu laseSoweto i-Orlando Pirates kanye nelase-Kapa i-Cape Town City FC okuzomele uMhlekazi akhethe kuwona ngaphambi kokuphela kwesonto elizayo. uMakaab uthi usekusele manje ukuthi bahlale phansi naye ukuze babheke phakathi kwalamaqembu ukuthi iliphi elikwazi ukumnika izidingo zakhe baphinde babheke inholoso yalamaqembu ngaye lomdlalo.

Jali oneminyaka engu-33 ushiye ku-Sundowns emva kokuwina i-DStv Premiership amahlandla amahlanu, indebe ye-Telkom Knockout, i-MTN8 kanti unqobe kabili indebe ye-Nedbank Cup.

Umhlekazi uqokwe njengomdlali wasesiswini ovelele ngo-2020/21 njengoba ubeseshaya ibuya kuPSL.

image: Antonio Muchave

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background