Angeke Anyuke Amaholo Abasezikhundleni Eziphezulu kuHulumeni
Written by Mfundo on 1 April, 2021
By: Bright Ntuli
Ikhomishana ebhekele imiholo yabasebenzi bakahulumeni abasezikhundleni isiphakamise ukuthi uMengameli uCyril Ramaphosa, angayenyusi imiholo yalabasebenzi.
Lekhomishana ibhekele ukwenza iziphakamiso njalo ngonyaka mayelana namaholo yabasebenzi bakahulumeni abasezikhundleni eziphezulu, kanye nemihlomulo etholwa ilabasebenzi, ukuze benze emisebenzi yabo ngendlela.
Sekungunyaka wesibili lekhomishana yenza lesiphakamiso, kanti labasebenzi kubalwa kubo amajaji, izimantshi, abaholi bendabuko kanye namakhansela omasipala.
Ngonyaka owedlule i-Independent Commission for the Remuneration of Public Office Bearers yaphakamisa ukuthi izikhulu zikahulumeni ezihola imali angaphezu kuka R1.5 million ngonyaka, zenyuselwe imiholo ngo 3% kodwa uMengameli uRamaphosa wangasigunyaza lesiphakamiso.
uRamaphosa yena uhola u-R2.99 million ngonyaka.
READ: EXPLANATORY MEMORANDUM FOR ANNUAL RECOMMENDATIONS FOR 2020/2021