Angeke Baze Bagonywe Abazithwele kanye Nabantwana

Written by on 26 April, 2021

By: Zilungile Mkhize

Ungqongqoshe wezempilo, uZweli Mkhize, uthi abantu besifazane abakhulelwe kanye nezingane ezisanda kuzalwa, ngeke baze bayigomele iCOVID-19 kuze kube ochwepheshe bakuleli bathola isiqiniseko sokuthi imigomo yaleligciwane ibalungele.

uMkhize usho kanjena nje, usanda kuqinisekisa izwe ukuthi uhlelo lokugoma ngomjovo wakwa Johnson & Johnson seluzoqhubeka futhi.

Isigaba sesibili sokugoma izakhamuzi sizovuleleka kubobonke abantu abaneminyaka engaphezu kuka 60, kanye nalabo abasebenza ngabantu emsebenzini yabo.

uMkhize uthi okwamanje abazi noma lemimgomo kanye neyakwa Pfizer iphephe kangakanani ekutshenzisweni ngomama abazithwele, ngoba alukenziwa ucwaningo ngabo nabantwana abasanda kufika emhlabeni.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background