Angikaze Ngigxambukele Kumbiko kaZondo – Ramaphosa

Written by on 23 June, 2022

By: Lindelani Mbatha

Umengameli uCyril Ramaphosa uthi akakholwa nakancane ukuthi unaso isibindi sokuyalela inhloko yamajaji uRaymond Zondo ukuba ashintshe lokhu okuqukethwe umbiko wekhomishana ebiphenya iState Capture.

U-Ramaphosa ubekhuluma nabezindaba ngesikhathi emukela umbiko wokugcina walekhomishana ePitoli ngoLwesithathu ebusuku.

Lombiko kwakulindeleke ukuthi unikezelwe kumengameli ngomsombuluko kodwa kwaba nezinguquko.

Izakhamuzi ezinkundleni zokuxhumana kanjalo nabaholi abahlukene bezepolitiki abasalanga ngaphandle begxeka ukungalethwa ngesikahthi kwalombiko, besola ukuthi kukhulu obekulungiswa kuwo.

Izakhamuzi zenze lezinsolo njengoba zisola ukuthi lombiko uzokwenziwa ukuthi ugxeke lowo owayeyisikhulu esiphezulu kwezobunhloli uArthur Frazer, owavulela icala lenkohlakalo umengameli.

U-Ramaphosa uthi lombiko uwamukele njengoba unjalo unethemba lokuthi akukho okushintshile.

Khonamanjalo, usihlalo walekhomishana uRaymond Zondo uthi noma ngubani onganelisekile ngokuqukethwe yilombiko unelungelo lokuwuyisa enkantolo.

Vele kukhona abanganeme ngalombiko kaZondo abasola sengathi usika nganxanye, omunye wabo usihlalo weANC uGwede Mantashe, owayengungqongqoshe wezezimbiwaphansi uMosebenzi Zwane kanye nongqongqoshe wezamajele uThabang Makwetla.

U-Zondo uthi uphenyo lwakhe ulwenze ngobuyoninco.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background