Anginawo Amandla Okuthatha Izinqumo Ngokuphelele – De Ruyter

Written by on 22 November, 2021

By: Sthulile Mdletshe

Oyisikhulu esiphezulu enkampanini kagesi u-Eskom, uthi ukungakwazi kwakhe ukuthatha izinqumo ngokuzimela kanye nokugxambukela kosopolitiki kuyona yonke into eyenzekalayo, ikona okuzowisa lenkampani kahulumeni.

U-Andre De Ruyter usho kanjena ekhuluma nabezindaba ngezinkinga uEskom abhekene nazo.

Ukhala ngokuthi yize ephethe kulenkampani kodwa akanawo amandla ngokuphelele okuthatha izinqumo ezingasiza ukuthi bakwazi ukonga imali, baphinde bathole nezindlela ezintsha zokuphehla ugesi.

Ngolwesihlanu olwedlule, uDe Ruyter uveze ukuthi kunabantu abazama ukucekela phansi uEskom ngokuwisa iziphehlimandla ngamabomu, nokuyinto eholela ohlelweni lwe-loadshedding.

Uthi baningi abantu abafuna ukulawala lenkampani, nathi kwenza kube nzima umsebenzi wakhe.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background