Aphelile Amaphupo UMatric Uqala Izivivinyo

Written by on 25 October, 2021

By: Zilungile Mkhize

Njengoba sekusele usuku olulodwa nje vo, abafundi baka matikuletsheni babhale izivivinyo zabo zokuphela konyaka, umnyango wezeMfundo eyisisekelo usufisele ukubhala okuhle futhi okengenazahibe.

Njengabafundi bangonyaka odlulile, nekilasi lika 2021 kulindeleke libhale ngaphansi kwezimo ezinzima zeCOVID-19.

Umnyango wezeMfundo eyisisekelo uthi wenze konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi bathole isikhathi esanele sokufunda, kwavulwa izinhlelo eziningi zokufunda nangezimpelasonto ukulungiselela lezivivinyo.

Kuleminyaka edlule, inkinga yokuputshuka kwamaphepha nokukopela kwabafundi bekulokhu kuyinkinga kodwa umnyango uthi unethemba lokuthi lokhu angeke kubeinkinga kulonyaka.

Khonamanjalo, unobhala we SADTU kuzwelonke, uMugwena Maluleke, uthi lizokwenza kahle lelikilasi.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background