Asevuliwe Amabhishi EThekwini

Written by on 14 January, 2022

By: Lindelani Mbatha

UMasipala weTheku usumemezele ukuthi usuwavule wonke amabhishi abevaliwe ngokushesha.

Lamabhishi okubalwa kuwo eliseMhlanga, uMdloti, iBrighton, eShaka, iBlue Lagon kanye neSouth Beach ebevaliwe kulandela uhlolwa kutholakale ukuthi linyukile kunelijwayelekile inani le-Ecoli.

Izinga eliphezulu legciwane i-Ecoli lidalwe izimvula ezinamndla kanye nokulinyazwa kwezitamukoko bese indle igugulwa ngamanzi iyongena olwandle.

Ongoti bezamanzi bancoma ukuthi izinga lenani le-Ecoli akumele idlule kwinani elilinganiselwa ku-88 per 100 millilitre.

Ibhishi eliseLagoon lona lizoqhubeka nokuvalwa njengoba umasipala ungakagculiseki ngalo.

Oyisikhulumi somasipala weTheku uMsawakhe Mayisela uyachaza:

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background