Asikakaqedi NgolweSilo – Izinyane

Written by on 4 March, 2022

By: Sthulile Mdletshe

Izinyane leSilo esesakhothama, umntwana uNtandoyenkosi Zulu lithi lisamile ekutheni akulandelwanga imigomo efanele ngokuqokwa kuka Mntwana Misuzulu njenge Silo.

Ukusho lokhu njengoba bekhale ngaphansi enkantolo ephakeme yaseMgungundlvu ngolwesithathu.

Ijaji linqume ukuthi awekho amaphepha aphambi kwenkantolo akhombisa ukuphikisana nokuqokwa kuka Misuzulu njengeSilo samaZulu.

Amazinyane uNtandoyenkosi nodadewabo u-Ntombizosuthu Zulu-Duma bebefuna ukuthi uMengameli Cyril Ramaphosa avimbe isistifiketi sokugcotshwa kwe-Silo .bekhala ngokuthi akusiwo wonke amalunga omndeni avumelana nalokhu.

Ekhuluma ne-Newzroom Afrika, uNtandoyenkosi uthi basazolusukumela loludaba njengo mndeni.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background