Asikatholwa isidumbu somfana ominze edamini
Written by Lethiwe Mdluli on 3 June, 2020
Ubaba womfana ominze edanyini iBizane eDumbe enyakatho yakulesisifundazwe, uThami Ntshangase, uthi ukhathazekile ngokungatholakali kwesidumbu sengane yakhe.
Lomfanyana oneminyaka engu 17 ubudala kusolakala ukuthi uminze kulelidamu emvakokujahwa ngamaphoyisa.
Kusolakala ukuthi amaphoyisa abepatilola kulendawo eku-Ward 5 afice iqeqebane labafana lidlala ibhola ase eyabahubha nalaphoke lomfanyana engene kulelidamu wangaphinde wabonakala.
Ngokwemigomo yeNational Lockdown Level 3 abantu abakavumeleki ukuba bahlangane noma babe ngamaqeqebana.
uNtshangase uthi into ayifunayo manje ukufihla ithambo lomfana wakhe.
Oyisikhulumi samaphoyisa kulesisifundazwe, uVish Naidoo, uthi ithimba labo lezokutshuza lizoqhubeka nemizamo yokutakula umzimba walelibhungu.
Khonamanjalo uMeya kamasipala waseDumbe, uMajuba Mavuso, uthi uzoqinisekisa ukuthi umndeni wakwaNtshangase uyaluthola usiso olufanele.
Listen here:
Podcast stream by Fabrik.fm
By: Lindelani Mbatha