Asinde Ngokulambisa Amantombazane Abezoshushumbiswa
Written by Mfundo on 4 March, 2022
By: Bright Ntuli
Abesifazane abangu-5 sebehlengwe sekusele kancane bashushimbiswe ngenhloso yokwenziwa izigqila zocansi.
Umbiko wamaphoyisa uveza ukuthi laba baneminyaka engu-19 kuya ku-27 ubudala, kanti bebesuka eGoli ngesikhathi beluthwa ngabalisa abathile ngokubathembisa imisebenzi e-call centre eThekwini.
Uqhuba ngokuthi omunye walabasolwa waze weza ngisho nasekhaya lomunye walaba besifazane ezochazela umama wakhe mayelana nethuba eliyingqayizivele amnika lona.
Oyiskhulumi samaphoyisa uNqobile Gwala uthi kuthe uma lamantombazane esefika eThekwini ahanjiswa emzini mumbe eDurban North, nalapho labalisa befike bawajikela khona esiswini njengotshwala.
powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.