Awuzwa Mshini Umphakathi WaseSobantu

Written by on 12 July, 2022

By: Nompendulo Ngubane

Amalungu omphakathi kanye nezinhlaka ezahlukene asebhikishe ngaphandle kwenkantolo yamajaji ePietermaritzburg, ezokweseka umndeni wakwaNdlela okubulawe kuwo amalungu amathathu ngesihluku.

Ngenyanga eyedlule ugogo walomndeni, uZanele Ndlela (65), indodakazi yakhe, Simangele Ndlela (46), kanye nomzukulu, uZenande Ndlela (8) batholwa beshonile endlini yabo eSobantu ngaphandle kwedolobha iPietermaritzburg.

Kanti kubikwa ukuthi baqale badlwengulwa ngaphambi kokuthi baklinywe babulawe.

Kube sekuboshwa uNjabulo Ndlovu esolwa ngokugila lomkhuba, nokumanje uvele kulenkantolo ukuzosho ukuthi uyaliphika noma uyalivuma yini icala.

Ekhuluma nezindaba ze Gagasi FM amadoda ayingxenye yalombhikisho asesho kanje.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background