Azoyikhotha imbenge yomile amaphoyisa amdibimunye nezigebengu.
Written by Phakeme Mnguni on 19 August, 2024
By: Sthulile Mdletshe
Ukhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal uNhlanhala Mkwanazi uthi uyaqhubeka umsebenzi wokukhuculula inkohlakalo ngaphakathi embuthweni wamaphoyisa.
Ukuphawula kwakhe kulandela ukubulawa kuka sayitsheni wamaphoyisa omdibi munye nabasolwa abathathu abadutshulwe balimala kabi, ngesikhathi bedubulana namaphoyisa ezigamekweni ezimbili ezahlukene eNtuzuma izolo ntambama.
Abasolwa abayisithupha ebebegqoke imifaniswano yamaphoyisa kubikwa ukuthi bagasele esitolo eRichmond maphakathi nesifundazwe ngeSonto ekuseni bakhomba umnikazi wesitolo nabasebenzi ngezibhamu, ngaphambi kokuthi bathathe isamba semali engakadalulwa.
Oyisikhulumi samaphoyisa uRobert Netshiunda uthi amaphoyisa azibandakanya nezenzo zobugebengu azobhekana nolaka labomthetho.