Babhodla Umlilo Ngesikole Sase-PMB

Written by on 23 May, 2022

By: Nompendulo Ngubane

Abazali kanye namalungu esigungu sesikole I-School Governing Body esikoleni samabanga aphezulu iSukuma ePietermaritzburg,enkabeni ye-KZN bathi bafuna isikole siqashe uthishanhloko ngokuphelele ukugwema izinkinga ezihlasele lesi sikole.

Isikole kumanje sinothishanhloko osabambile emva kokuthi kube nezinkinga zokungaboni ngasolinye lapho kuqokwa uthishanhloko njengoba abazali kanye ne SGB bethi akuzange kuhanjiswe ngemigomo efanele futhi kwaba nomkhonyovu.

Abazali behambisana ne SGB babambe umbhikisho onokuthula ngaphandle kwamasango esikole bephethe izinqwembe ezibhalwe izikhalo zabo okubalwa nesimo esingagculisi sesikole ngaphakathi.

uNompendulo Ngubane Uyabika:

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background