Babuyele Emsebenzini Abakwa-SARS
Written by Mfundo on 28 July, 2022
By: Sithulile Mdletshe
Inyunyana yabasenzi bakwa-South African Revenue Service (SARS), i-Public Servants Association, ithi iningi lamalunga abekade etelekile asebuyelile emsebenzini.
Lokhu kuza emva kokuthi isikhungo sabaqoqi bentela kuleli iSARS igcine ngokunyusela abasebenzi amaholo ngo 1.5%.
Phambilini izinyunyana zabasebenzi okuyi-NEHAWU kanye ne-PSA zimise ukusebenza zifuna amaholo anyuselwe ku 12%.
U-SARS wabe usuphakamisa ukunyusa amaholo ngo ngo-1.39% nakhona okube zinhlanga zimuka nomyoya nokuholele ekutheni kuvalwe amagatsha angu-40 alesi sikhungo.
Namuhla u-SARS uphakamise u-1.5 perecnt nathi angeke asanyakaza kuwo ..
Oyisikhulu esiphezulu kuPSA uClaude Naicker uthi yize bengagculisekile ngalesi siphakamiso kodwa ke abasebenzi bazobuyela emsebenzini.