Bafuna ubulungiswa abalisa ababili abashaywa kanzima ngumqashi wabo.
Written by Phakeme Mnguni on 11 December, 2024
By: Pamella Majola
Abalisa ababili abazithola sebetitinywa ngenduku ngaphandle kwenkampani abasebenza kuyo i-CJM Growers oThongaat enyakatho yeTheku, bathi bafuna ubulungiswa ngokwabehlela bengenzanga lutho kumqashi.
Belandisa izindaba zeGagasiFM, bathi ngolwesine olwedlule babizwa umqashi wabo, wabakhiphela ngaphandle kwamasango enkampani nokuyilapho abathi kwaqhamuka khona imoto abangayazi, kwaphuma abalisa abathathu kuyo babashaya kanzima.
Labalisa okungu Muzi Dlamini kanye no Lucky Gumede, bathi ngesikhathi umqashi ebashiya nabalisa abaphuma emotweni, babuzwa ukuthi ngayizolo ebsuku babekuphi.
uDlamini usetshele izindaba ze GagasiFM, ukuthi wazama ukuchaza ukuthi wayekade ebuka ibhola kanye nozakwabo uGumede.
Uqhuba ngokuthi umqashi wabe esebatshela ukuthi kumele bakhulume iqiniso ngoba lamadoda amathathu ngamaphoyisa, azophenya.
Ephefumula ngokwenzeka, uGumede yena uthi indlela abashaywa ngayo, isiholele ekutheni ahlezi ethukile, egcizelela ngokuthi bayaludinga usizo ukuze bathole ubulungiswa ngalesenzo somqashi.
Nokho ethintwa umphathi walenkampani, utshele izindaba zeGagasiFM ukuthi yena akazi lutho futhi akukho azokusho ngokushaywa kwalabasebenzi.
Okhulumela amaphoyisa eKZN uRobert Netshuinda uthi abakwasidlodlo bayaluphenya loludaba.