Bafuna Ukuqashwa Ngokugcwele Osonhlakahle e-KZN

Written by on 25 March, 2022

By: Nompendulo Ngubane

Osonhlalakahle abangasebenzi abavela ezindaweni ezahlukene KwaZulu-Natal bathi bafuna uMnyango WezokuThuthukiswa KoMphakathi ubaqashe ngokugcwele.

Labo sonhlalakahle abangamatoho basho kanje ngenkathi bebambe umbhikisho kanye namalungu e-EFF ngaphandle kwehhovisi lenhloko yalo Mnyango, eMgungundlovu.

Lemashi bebeyibhixa, beviliyele ngamajazi abo eziqu zosonhlakahle, maqede badlulisela uhlu lwezikhalo zabo emnyangweni, bethi bafuna impendulo zingakapheli izinsuku ezingu-7.

Phakathi kwezikhalo zabo kubalwa ukusweleka kwemisebenzi, imiholo abathi mincane kulabo abangamatoho, nawo abathi aba yizinyanga ezimbalwa bese eyaphela.

Bekhuluma nezindaba ze-Gagasi FM ngaphandle kwalelihhovisi, labosonhlalakahle basho kanje.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background