Bagcwale Umgaqo Odado Bebhikishela Amathoyilethi

Written by on 21 July, 2022

By: Xolani Khumalo

Ukufunda kanye nokufundisa sekume nse esikoleni iBantuvukani Primary, eLamontville, eNingizimu yeTheku. Abafundi bakulesi sikole babhikishe  bavala umgwaqo.

Abafundi balesi sikole samabanga aphansi bakhala ngesimo esingesihle abafundela kuso njengoba phakathi kokunye bebala ukungabibikho kwezindlu zangasese kanye nogesi.

Okubhekekile kulesikole ukuthi izindlu zangasese zabhodloka ngesikhathi sezikhukhula ezahlasela iKwaZulu-Natal kulezinyanga ezedlule.

Abazali balabafundi, nabo bebekhona kulemashi njengoba bebeseka abantwana babo.

Kanti bekhuluma nezindaba zeGagasi FM abanye balabafundi kanye nabazali babeke kanje.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background