Bakhala Ezimathonsi Abangani Baka-Mampintsha

Written by on 30 December, 2022

By: Zilungile Mkhize

Abangani bakaMandla Maphumulo owaziwa ngoMampintsha, uDanger kanye no Dj Sbo, sebechaze umngani wabo ongasekho njengomuntu obeyinsika kubo futhi ekwazi ukubagcina behlangene njengabangani.

Laba basho kanjena kade bezobeka amazwi okuvalelisa kumngani wabo uMampintsa odlule emhlabeni ngemuva kokugula.

Inkonzo yomngcwabo iqhubeka e-International Convention Centre, eThekwini  kanti ihanjelwe yinqwaba yabaculi baKwazulu-Natal, abefundisi kanjalo nezikhulu zikahulumeni wesifundazwe esiholwa nguNdunankulu, uNomusa Dube-Ncube.

UDanger nobesebenzisana kakhulu noMampintsha, wehluleke ngisho ukuzibamba, umunyu uhlasela ezama ukubeka amazwi ngomngani wakhe.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background