Bakhala Ngobugebengu Obuse-PMB Abafundi

Written by on 26 May, 2022

By: Nompendulo Ngubane

Abafundi basemanyuvesi akhelene ne Scottsville ePietermaritzburg bathi bazizwa bengaphephile emva kwezigameko zobugebengu zokuhlaselwa kubanjwe abafundi inkunzi kuyo lendawo.

Inhlangano ebhekelela abafundi beqembu le ANC iSouth African Students Congress ibe isibamba imashi iyibhekise esiteshini samaphoyisa iAlexandra lapho ihambise uhlu lwezikhalo kwabomthetho ngenhloso yokuthi amaphoyisa angenelele.

Abafundi abafunda kwinyuvesi i-Durban University Of Technology PMB Campus nase University Of KwaZulu-Natal kuyona lendawo bathi izigameko zokubanjwa kwabo inkunzi sekuyinto esiyinsakavukela umchilo wesidwaba.

UNompendulo Ngubane uyabika.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background