Bakhalelwe ngamasongo kasgonyela abadayisa impahla yomgunyathi

Written by on 23 April, 2020

Ungqongqoshe wezokuThuthukiswa komnotho kulesisfundazwe, uNomusa Dube Ncube, usexwayise laba abathengisa impahla engangunyaziwe ukuthi babeka impilo yabantu engcupheni.

Lokhu kulandela ukuboshwa kwabokufika abangu 53 eThekwini emva kwashaqwa nempahla abebeyidayisa.

Ukuboshwa kwalaba kuyingxenye yokusebenza kwamaphoyisa okuhlose ukulwisana nokuthengiswa kwezimpahla ezingekho emthethweni ngalesikhathi kuvalwe izwe.

Ungqongqoshe uthi emkhiqizweni ethathiwe bekukhona phakathi amakhondomu, ugwayi kanye nemithi yezinhlungu.

Listen here:

Podcast stream by Fabrik.fm

Khonamanjalo isbalo sabantu asebetheleleke nge coronavirus kuleli sesiphinde senyuka ngo 107, kanti isibulale abangu 7.

Umnyango wezempilo uthi abangu 5 balaba abashonile abase Gauteng, kanti ababili abakulesfundazwe saKwaZulu Natali.

Lokhu kusho ukuthi sebengu 65 abantu bakuleli okwaziwayo ukuthi bashone ngenxa yalesifo.

Kanti asebethelelekile sebefinyelele ku 3635.

 

By: Lindelani Mbatha & Bright Ntuli

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background