Bakhalelwe Ngamasongo Kasigonyela Asebewaqedile Amabhizinisi
Written by Mfundo on 11 January, 2022
By: Lindelani Mbatha
Amaphoyisa akwaZulu-Natal asebophe abasolwa abangu-11 ngokudunwa kwezitolo Empangeni namaphethelo, enyakathi yalesifundazwe.
Lezigilamkhuba ezihlome zizingovolo kubikwa ukuthi bezingena kumabhizinisi zifune imali ngo-Dli, bese zishiya kukhalwa.
Emvakokuhogela lomkhuba, abakwasidlodlo babe sebeqala umikhankaso wokuthungatha labasolwa, nabatholakale nezibhamu ezingekho emthetwheni kanye nezimhlamvu.
Oyisikhulumi samaphoyisa kulesisifundazwe uNqobile Gwala uthi bonke laba bayathinteka nakolunye uxhaxha lwamacala.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.