Bakhipheni Emandleni Eningagculisekile Ngabo – Ramaphosa

Written by on 28 April, 2021

By: Sanelisiwe Dlangamandla

UMengameli wezwe uCyril Ramaphosa uthi uma abantu baseNingizimu Afrika bengagculisekile ngohulumeni okhona, kuyilungelo labo ukuba bawukhiphe ngevoti.

URamaphosa ukhulume kanje eFree State, lapho bekubanjwe khona umcimbi wokubungaza usuku lwenkululeko.

Uthi usebenzise lelithuba ukunxenxa abantu bakuleli ukuba baphume ngobuningi babo bayovota uma sekuvotelwa ohulumeni basekhaya ngasekupheleni kwalonyaka.

Ngesonto eledlule wamemezela ukuthi lolukhetho luzohlala ngomhlaka 27 kuOctober 2021.

uRamaphosa uthi ukuvota yiyona ndlela enamandla kakhulu yokubhikisha.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background