Bamanxebanxeba Abafundi e-Dassenhoek High

Written by on 27 January, 2022

By: Zilungile Mkhize

UNgqongqoshe wezemfundo KwaZulu-Natal, uKwazi Mshengu, kulindeleke ahambele iDassenhoek High School ngaphandle kwase Pinetown ekuseni nje, kulandela isigameko sokugwaza kwabafundi abane izolo.

Lesikole sihlaselwe ngabantu abangaziwa abebezophanga, ekuthiwa basike ucingo olubiyele lesikole bagulukudela phakathi.

Lezigila’mkhuba ebezihlome ngezibhamu kanye nemimese bezishaya kwasani zifuna imali nomakhalekhukhwini kothisha nabafundi.

Abafundi bazamile ukubhekana ngqo nalemigulukudu benqaba ukubanika lokho abebekufuna, kodwa lesenzo siholele ekutheni bashaywe bagwazwe.

Okhulumela uMshengu, uKwazi Mthwethwa uyenaba ngaloluhambo.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background