Bamisiwe onesi abasolwa ngokunganaki owesifazane obesikwa

Written by on 19 February, 2020

Onesi ababili abasolwa ngokungamnaki owesifazane owayekhulelwe ngenkathi esikwa esbhedlela i-St Mary’s ngasePinetown ngaphandle kweTheku, sebemisiwe emsebenzini.

Imibiko iveza ukuthi labonesi batshela lowesifazane ukuthi akobatshela uma ingane isikhala.

Lowesifazane wagcina ebelethiswa ezinye iziguli esbhedlela, kanti ingane eyayingakafikelwa iskhathi yabe isishona emva kwamahora angu 8 nje izelwe.

Oyiskhulumi somnyango, uNothando Nkosi, uthi ungqongqoshe, uNomagugu Simelane-Zulu, uphoxeke kabi ngesenzo salabonesi futhi ufuna kwenziwe uphenyo ngokushesha.

Listen here:

By: Bright Ntuli


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background