Baningi Abafuna Ukusiza Izisulu Zezikhukhula

Written by on 26 April, 2022

By: Lindelani Mbatha

Umkhandlu obhekelele ukuthuthukiswa kwamadolobha, iSouth African Council for Planners, uthi uzosebenzisana nohulumeni ukuqinisekisa ukuthi izindawo ezikhahlanyezwe yizikhukhula zilungiswa ngokushesha.

Izikhukhula zicekele phansi ingqalasizinda engabiza imali elinganiselwa ku-R17 billion kulesifundazwe.

Kanti kucekeleke phansi imizi yabantu abangaphezu kuka 4 000, kwadlula emhlabeni abangu-435.

Usihlalo weSouth African Council for Planners uKhetha Zulu uthi kubalulekile ukuthi kutholakale izindawo zokuhlala imiphakathi ephazamisekile ngokukhulu ukuphuthuma.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

Lomkhandlu uqhuba ngokuthi amalunga aso kumele asabele uma ebizwa ukuzolekelela uhulumeni, njengoba kwenziwa imizamo yokulungiswa izindawo ezikhahlanyezwe yizikhukhula.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background