Baningi Abakhethe Ukuyocima Ukoma Kunokuvota
Written by Mfundo on 1 November, 2021
By: Nompendulo Ngubane
Njengoba eminye imiphakathi ibonakala iphambana ezikhungweni zokuvota lapho iyokhetha khona amakhansela, abanye abantu bahleli ezindaweni zokucima ukoma bathi abalubhadi ezindaweni zokuvota.
Indawo yase Dambuza eMgungunndlovu ingenye yezindawo lapho iningi lentsha kanye nabadala ligcwele ezindaweni zokucima ukoma zakhona, ithi akekho ongazishinstha umqondo ngokuvotela amakhansela.
Izindaba ze-Gagasi FM zivakashele ezinye zezindawo zokucima ukoma nalapho abantu bebeke izizathu ezahlukene mayelana nesinqumo sokuthi kungani bangayi ukoyovota.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.