Baningi Abalindele Ukubona Ukuthi Uzozifikela Mathupha Yini uPuttin kwi-BRICS Summit

Written by on 7 July, 2023

By: Sthulile Mdletshe

Namanje akukacaci noma uMengameli waseRussia uVladimir Putin uzoyithamela yini iNgqungquthela ye-BRICS ezayo nezobanjelwa lapha eNingizimu Afrika ngenyanga ezayo.

Iningi lilindele ukubona ukuthi kuzokwenzakalani ngo Puttin, njengoba inkantolo yamazwe omhlaba i-ICC yakhipha incwadi egunyaza ukuboshwa kwakhe ngamacala obugebengu bempi e-Ukraine.

Le ngqungquthela izoba seSandton, eGoli, phakathi kuka-22 no-24 Agasti kanti oyiskhulu esiphezulu ekuhleweni kwayo uSolwazi Anil Sooklal uthi abafuni ukugxila kweka Putin kodwa bazoqhakambisa ingxoxo zamabhizinisi

USooklal uthi abaholi baseBrazil, Russia, India, China kanye neNingizimu Afrika bazobhekisisa izindaba zomhlaba nezithinta umnotho nokusimama kwamazwe angaphansi ke Brics.

Ekhuluma nomsakazeli womphakathi ubeke kanje.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background