Banqunyelwe Ugwayi Katiki Abokufika Kuleli

Written by on 19 April, 2021

By: Lindelani Mbatha

UNgqongqoshe womnyango wezasekhaya, uAaron Motsoaledi, uthi sebebathumele kwelakubo abanye ongqondongqondo ababebhikishela ukusiwa kwamanye amazwe eKapa.

uMotsoaledi ubethulela abezindaba umbiko ePitoli, ngababaleki kanye nabokufika kuleli.

Ngo-2019 kuya ku-2020 abokufika abangaphezu kuka-1000 bavuka umbhejazane, emvakokuxoshwa esontweni ababehlala kulo bayiswa ematendeni, baphoqa ukuba uhulumeni wakuleli abayise kwamanye amazwe athandwa yibo, elinye lawo okuyiCanada.

Inhlangano yamazwe omhlaba iUnited Nations nayo ingenelele yacela laba bokufika ukuba babuyele emphakathi abahlala kuyo noma babuyele emazweni abo njengoba kwatholakala ukuthi bahubuza akabhejane uma bethi babalekiswe yizimpi emazweni abo.

uMotsoaledi uthi labo ababegqugquzela lemibhikisho babeqhube izinhloso zabo.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background