Basale Benkemile Kungqoklozwa Usomatekisi Ngenhlamvu

Written by on 9 June, 2023

By: Nhlanhla Mbokazi

Umphakathi wakwaSwayimane, maphakathi nesifundazwe saKwaZulu-Natal, uthi usashaqekile kulandela ukudutshulwa kubulawe oyisikhulu samatekisi obehamba nothisha wesifazane, nokuyisigameko esenzeke phambi kwabafundi emagcekeni esikole samabanga aphansi i-Mehlwenkosi Primary School.

Kubikwa ukuthi lo somatekisi ubeshiya uthisha wakulesikole ngesikhathi kuqhamuka abantu abangaziwa abebehamba ngezinyawo bevulela ngenhlamvu bebhekise kuyena kwabe sekudubuleka kulimala nalothisha.

Lo somatekisi ushonele khona endaweni yesigameko, uthisha yena waphuthunyiswa esibhedlela.

Ngokuthola kwezindaba ze-Gagasi FM ngomthombo osondelene nalolu daba, kusolwa umbango wokungena kwamatekisi kulososeshini.

Lo mthombo uthi kwenzeka lokhu nje, kusanda kudutshulwa kwabulawa omunye usomatekisi ngabebezitshela ukuthi badubula lesiskhulu samatekisi.

Okhulumela amaphoyisa, uThenjiswa Ngcobo, usho kanje.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background