Basale Beshaqekile Kuthunjwa Uthisha Wase-MUT

Written by on 31 May, 2023

By: Lindelani Mbatha

Umphathi weMangosuthu University of Technology, uMarcus Ramogale uthi ukhathazekile ngokuthunjwa komunye wabasebenzi balesisikhungo, uShan Dwarika.

URamogale ubekhuluma nabezindaba emagcekeni alesiskhungo eNingizimu yeTheku.

UDwarika osesebenze kulenyuvesi iminyaka engaphezu kwengu-26 kuvele ukuthi uthunjwe ngeSonto ebuya kothenga izinto zasendlini.

URamogale uthi kubamangazile ukuthunjwa kukaDwarika ngoba akahlangane nakancane nezinto eziphathelene namathenda noma amabhizinisi.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

Khonamanjalo

Umengameli wophiko lwabafundi kulenyuvesi, uVusi Mthethwa, uthi ukuthunjwa kwalothisha kubuyisela abafundi emuva ikakhulukazi njengoba bematasa nezivivinyo zaphakathi nonyaka.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background