Basale Dengwane Imvula Idlula Nemizi e-Pmb

Written by on 12 April, 2022

By: Nompendulo Ngubane

Umphakathi wase Sobantu eMgungundlovu, okhahlanyezwe yizimvula ezinamandla, uthi mukhulu umonakalo odalwe yizikhukhula njengoba iningi lemindeni lonakalelwe yizindlu zalo.

Lomphakathi othi uhlala njalo uyizisulu zezikhukhula uma line kakhulu wakhe eduze nemifula emibili, uMsunduzi kanye noMasukwane, nokwenza ukuthi amanzi asuka kulemifula abe namandla kakhulu agcine esegcwala umgwaqo angene nasezindlini zabantu.

Omunye wezakhamuzi emgwaqeni uSikhosana eDark City, nokuyindawo lapho imizi eminingi ingenelwe khona amanzi, uthi yize kungekho umphefumulo odlulile kodwa izindlu zabo zonakalelwe.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.

Izithombe: Ezinye zezindawo ezishayekile ePMB okubalwa kuzo eDambuza kanye naseCaluza.

Khonamanjalo, isekela leMeya eMsunduzi uMxilisi Mkhize seihambele indawo yaseSobantu ukuyohlola umonakalo.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background