Basale othulini abasolwa abangu-6 ababulale abantu abangu-5 KwaNdengezi.
Written by Phakeme Mnguni on 3 September, 2024
By: Xolani Khumalo
Abasolwa abangu 6 sebesale enkundleni kulandela ukudubulana namaphoyisa eSouth Beach eThekwini.
Labasolwa ekubikwa ukuthi bebewuhlupho emphakathini, bebefunwa uthuli ngamaphoyisa ngemva kwesigameko sangempelasonto lapho bedubule khona abantu abawu- 5 KwaNdengezi ngaphandle kweTheku.
Kulesigameko abasolwa laba kubikwa ukuthi babulale abangu abangu 4 oyedwa kwaphuthunyiswa esibhedlela esesimweni esibucayi.
Ngokubika kwamaphoyisa abafana bancane bebezihlalele eceleni komgwaqo ebusuku ngesikhathi behlaselwa yilabasolwa abafike ngemoto babalalisa phansi babakhomba ngezibhamu basebebadubula bonke emakhanda.
Ekhuluma eSouth Beach eThekwini ngemva kokudutshulwa kwalabasolwa, ukhomishana wamaphoyisa eKZN uNhlanhla Mkhwanazi usesho kanje.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.