Usale Ushaqekile Umndeni Umakhelwane Eshonela Egcekeni

Written by on 16 November, 2022

By: Bright Ntuli

Umndeni wakwaShangase eNkangala, eMontobelo, enyakatho yeTheku uthi usathuka izanya kulandela ukuthi owesifazane ongumakhelwane eshonele emagcekeni alomndeni.

Izindaba zeGagasi FM sezithole ukuthi lowesifazane ubehamba ngemoto nomyeni wakhe kanye nendodana yabo ngenkathi behlaselwa ngemvula yezinhlamvu.

Sezithole nokuthi babe sebengena emzini wakwaShangase bebalekela lezinhlamvu nokuyilapho bethole khona ukuthi umama useshonile kanti ubaba nendodana badubuleke kanzima.

Oyiskhulumi somndeni uVukani Shangase uthi imbangela yokuhlaselwa ngaloluhlobo komakhelwane babo ayikacaci.

Uqhuba ngokuthi njengomndeni bakhathazeke kakhulu ngomthelela lesigameko esibe nawo emigqondweni yezingane kanye nabantu abadala ekhaya.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background