Basazokhala Futhi Abashayeli
Written by Mfundo on 16 March, 2022
By: Sthulile Mdletshe
Abantu bakuleli kubukeka sengathi basazoqhubeka nokuthwala kanzima njengoba umnyango wezamandla uthi kungase kube nokunye ukunyuka kwenani lika-Petrol.
Isikhulu salomyango u-Tseliso Maqubela utshele amalungu ephalamende ukuthi ukwenyuka kuka-petrol ngo-R2, yinto abantu okumele bayilindele noma inini .
Uthi uma kuqhubeka ukungaboni ngaso linye kwe Russia ne-Ukraine, nenani lesinkwa lizonyuka njengoba kubuye kuthengwe ukolweni wakulawa mazwe.
Njengamanje u-petrol ubiza ngaphezu kuka R20 ilitha.
U-Maqubela uthi uhulumeni akanawo amandla okulawula ukubiza kuka-petrol ngoba unyuswa yilokho okusuke kwenzeka emazweni akhiqiza u-oyela ongahluziwe nokwenzeka ezimakethe zomhlaba.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.