Basazokhala Futhi Abashayeli

Written by on 16 March, 2022

By: Sthulile Mdletshe

Abantu bakuleli kubukeka sengathi basazoqhubeka nokuthwala kanzima njengoba umnyango wezamandla uthi kungase kube nokunye ukunyuka kwenani lika-Petrol.

Isikhulu salomyango u-Tseliso Maqubela utshele amalungu ephalamende ukuthi ukwenyuka kuka-petrol ngo-R2, yinto abantu okumele bayilindele noma inini .

Uthi uma kuqhubeka ukungaboni ngaso linye kwe Russia ne-Ukraine, nenani lesinkwa lizonyuka njengoba kubuye kuthengwe ukolweni wakulawa mazwe.

Njengamanje u-petrol ubiza ngaphezu kuka R20 ilitha.

U-Maqubela uthi uhulumeni akanawo amandla okulawula ukubiza kuka-petrol ngoba unyuswa yilokho okusuke kwenzeka emazweni akhiqiza u-oyela ongahluziwe nokwenzeka ezimakethe zomhlaba.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background