Basinde Ngokulambisa Abahlengikazi Belunywa Iziguli

Written by on 22 March, 2022

By: Zilungile Mkhize

Udaba lokuhlaselwa kwabasebenzi bezempilo abangu-32 yiziguli ezithikamezeke ngokomqondo, kucekelwe phansi nempahla esibhedlela iHelen Joseph eGauteng, seluphenduke undaba mlonyeni esishayamthetho sakulesiya sifundazwe.

Lokhu kudalulwe ungqongqoshe wezempilo uNomathemba Mokgethi ephundula imibuzo ngokuphepha kwabasebenzi bezempilo.

Ilungu leDA eGauteng, uJack Bloom lithi lezigameko, iningi lazo ezenzeke ngonyaka ophelile u2021, zikhathaza kakhulu njengoba impilo yabasebenzi kubukeka isengcupheni.

U-Bloem uthi izigameko ezifana nalezi sezenyukile kulesibhedlela, ikakhulu njengoba ezinye zeziguli ezithikamezeke ngokomqondo zasuswa eCharlotte Maxeke eGoli, ngenxa yomlilo zayobekwa Helen.

Uthi ukuphepha kwabasebenzi nakho kumele kube seqhulwini.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background