Bathi Ukuzimisela Kuphela Okubasizile Abaphase Ngamalengiso

Written by on 22 January, 2023

By: Nompendulo Ngubane

Abafundi abaphase ngamalengiso kumatikuletsheni kunyaka ka-2022 bathi ukusebenza kwabo kanzima yikho okubenze baphumelela.

Laba bafundi abavela ezikoleni ezahlukene zaKwaZulu-Natal basho kanje lapho uNgqongqoshe wezeMfundo esifundazweni saseKZN, uMbali Frazer ethule ngokusemthethweni imiphumela ka matric.

Isifundazwe iKZN sithole u 83% wemiphumela nenyukile kuleyo yangonyaka ka-2021 eyabe ingu-76,8%.

Bekhuluma nezindaba zeGagasi FM lapho bezokwamukela izitifiketi zabo baphinde banxusa labo abafunda ibanga leshumi kulo nyaka ukuthi basebenze ngokuzimisela.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background