Bavuke Umbhejazane Abafundi Abakhala Ngesimo Abafunda Ngaphansi Kwaso

Written by on 1 August, 2022

By: Nompendulo Ngubane

Abafundi nabazali besikole samabanga aphezulu iSukuma Comprehensive School, eMbali, ePietermaritzburg, enkabeni yesifundazwe saKwaZulu-Natal, sebekumise nse ukufunda ngoba bethi bafuna uNgqongqoshe wezeMfundo uKwazi Mshengu eze kulesi sikole azoxazulula izinkinga.

Abafundi bavale umgwaqo bashisa amathayi, babulala namabhodlela nokwenze ukuthi kube nzima ukuhamba kubashayeli bezimoto abaphoqeleke ukuthi basebenzise eminye imigwaqo.

Lesi siteleka sesidonse kusukela ngesonto eledlule kanti abafundi banodlame emgwaqeni njengoba bejikijela amabhodlela ngisho ngaphakathi kwesikole.

Abazali bathi bafuna kuqokwe uthishanhloko, kulandelwe imigomo ngaphandle kokwenzelela kanti okunye abakhala ngakho ukungcola ngaphakathi esikoleni, ukungabikho kokuphepha kubafundi abahlala ngaphakathi nokungabikho kwamanzi izinyanga ezingu-7.

Omunye wabazali uchaza kanje ngesimo esiqhubekayo kulesi sikole.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background