Bavutha Bengabaselwe Ngesikole Esingaphephile ePMB

Written by on 31 May, 2022

By: Nompendulo Ngubane.

Abazali kanye nabafundi besikole samabanga aphezulu iSiyanda endaweni yase Sweetwaters ePietermaritzburg sebemise nse ukufunda ngoba bethi sekuphele izinyanga ezintathu isikole singenabo othisha abafundisa izifundo zeMaths ne Physical Science.

Labazali bathi ngaphandle kokungabikhona kothisa ezinye izinkinga ababhekene nazo ukuguga kwesikole okumanje esingekho esimeni sokuthi kungafundwa kuso ngenxa yengqalasizinda esigugile futhi engaphephile.

UNompendulo Ngubane uyabika.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.

Abazali ngesikhathi bebhikisha ngaphandle kwesikole.

 

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background