Bayavela enkantolo abasolwa ngokubulala uAndile ‘Bobo’ Mbuthu
Written by Lethiwe Mdluli on 26 May, 2020
Abasolwa abangu7 ababhekene necala lokubulala, uAndile Mbuthu, babuyelile enkantolo yaseVerulum enyakatho yeTheku namhlanje.
Imantshi kulindeleke ukuba ibatshele ukuthi iyasichitha yini isicelo sabo sebheyili noma bayayithola.
UMbuthu nobaziwa ngelika Bobo kwazungeleza ivideo lapho ayeshawa khona ngesihluku etarveni ngakubo oThongathi ngaphambi kokuba aduke.
inkantolo isalinde imiphumela yolibofuzo lwakhe.
Umphakathi wasoThongathi nohambele lenkantolo namhlanje uganwe unwabu uthi awufuni labasolwa bathole ibheyili noma babuyele emphakathini wabo.
ekhuluma ngaloludaba ungqongqoshe wamaphoyisa uBheki Cele wathembisa ukuthola iqiniso ngokwenzeka kuMbuthu.
Listen here:
Podcast stream by Fabrik.fm
By: Sanelisiwe Dlangamandla