Bayaveva Ngobugebengu eNseleni
Written by Mfundo on 20 June, 2022
By: Zilungile Mkhize
Ukubulawa kudlwengulwe abantu besifazane abathathu endaweni yase Nseleni eRichards Bay enyakatho ye-KwaZulu-Natal sekuholele ekutheni umphakathi uvuke umbhejazane ungenele inguzunga yemashi nothi ufuna uhulumeni uwuhlinzeke ngesiteshi samaphoyisa.
Lomphakathi uthi izigebengu zizenzela umathanda eNseleni, ngoba zazi kahle nazo ukuthi vele awekho amaphoyisa aqaphe lendawo.
Le ndawo ingenye yamalokishi asematheni ngokubugebengu okuphezulu nesekuhlalise izakhamuzi lubhojozi.
uLindelani Mbatha uyabika: