Bazogijima Ngesudi Yesele Kumujaho Womdlavuza

Written by on 12 October, 2021

By: Zilungile Mkhize

Umjaho waminyaka yonke ohlanganisa abagijimi abaqhamuka kuzo zonke izinkalo zakuleli, i-‘Daredevil Run’, nohlelelwe ukuqwashisa ngomdlavuza kubantu besilisa uzothi ukwehluka kulonyaka.

Umgqungquzeli walomjaho uSizwe Zim, uthi kulokhu bahlele ukuthi izinkulungwane zabantu besilisa ezikhombise isibindi zangenela lomjaho ziqinisekise ukuthi zigqoke kuphela izikhinjana zangaphansi eziPurple, nokuwumbalake onsomi.

Uthi ayikho enye impahla yokugqoka evumelekile kulomjaho ngaphandle kwalesikhinjana ezinsomi.

Isifo somdlavuza sihlasela noma ubani futhi noma yibuphi ubulili. Kuzokhumbulake ukuthi inyanga ka-October, iphinde ibe ngeyokuqwashisa ngesifo somdlavuza, ikakhulu owebele.

U-Zim uthi kulonyaka i’Daredevil Run’, ingangenelwa noma yikuphi ezweni ngawedwa noma nibe yiqulu nigijime amaKilometer amahlanu emphakathini okuwo.

Uthi imali ezokwenziwa ngalomjaho izoya ezinhlelweni zokuhlolela umdlavuza ophatha abantu besilisa esithweni sangasese.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background