Bazolala bebaliwe abangu-12 abagengce babulala abasolwa e-Nanda.

Written by on 17 January, 2025

By: Pamella Majola

Sekuboshwe abantu-12 eNanda enyakatho yeTheku, ngezinsolo zokubandakanyeka ekubulaweni kwabalisa abangu-5 abatholwe beshonile enkundleni yezemidlalo.

Izidumbu zalabalisa zitholwe eBambayi eNanda ngasesekoleni i-Nanda Newtown Comprehensive High School.

Ngokombiko otholwe amaphoyisa, laba ababulewe bangenelwe abantu abangaziwa emakubo ezintatha namhlanje bathunjwa ngamunye ngamunye.

Kanti izidumbu zabo zitholwe ngamalunga omphakathi zidindilize kulenkundla.

Okhulumela amaphoyisa eKZN uRobert Netshuinda uthi labasolwa ababalelwa eminyakeni engu 20 kuya kwengu 70 ubudala sebesezandleni zamaphoyisa nokulapho besahlolwa khona ukuthi ngabe awekho yini amanye amacala abamantaniswa nawo.

Uthi ke basazowakhipha amagama abo kanye futhi bazovela phambi kweNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma ngomsombuluko mhlaka 20 kuyo lenyanga, kanti kusolwa ukuthi bangamalungu eforum thizeni emphakathini, kanti kubukeka sengathi baningi abanye abasolwa abasazobabamba.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background