Bazovela Enkantolo Abashisa Zangqongqa Izingane Ezimbili e-Richmond

Written by on 15 February, 2022

By: Zilungile Mkhize

Abalisa ababili abasolwa ngokuhlasela babulale amalungu omndeni amahlanu eRichmond maphakathi ne-KZN, kulindeleke bayofaka isicelo sebheyili enkantolo kamantshi yakulendawo.

Labasolwa uMhlonishwa Zondi kanye no Khulekani Zondi, izolo bavele kafushane kulenkantolo, kanti babhekene necala lokusoconga lomndeni, ukuwuthumba, ukweba kanye nokwephula ukusebenza kwengalo yomthetho.

Kulaba ababulewe kubalwe nezingane ezimbili, eyayineminyaka emibili neyayisanda kuzalwa, kanti izidumbu zalomndeni zatholakala sezishisiwe.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uThembeka Mbele uyenaba.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background