Bazoyikhotha imbenge yomile abasiza abokufika.

Written by on 22 November, 2024

By: Zilungile Mkhize

Ungqongqoshe wezobulungiswa nokuthuthukiswa komthetho sisekelo uThembi Simelane usekhiphe isexwayiso esinzima kubantu bakuleli abahlela ukulekelela abokufika ukuthi babhalise ama spaza shop abo.

U Simelane usho kanje kulandela ukuvela kwemibiko yokuthi sekukhona abantu bakuleli abasebenzisa omazisi babo ukubhalisa izitolo zabokufika.

Lesexwayiso siza nje, abanikazi balezitolo ezithe chithi saka emiphakathini yakuleli, bajaha umnqamulajuqu owabekwa nguMengameli wezwe uCyril Ramaphosa wokubhalisa lezitolo ngaphansi komaspala.

Ekhuluma esithangamini sabezindaba ePitoli, uSimelane uthi wonke umuntu onestolo emphakathini, okubala nabokufika abanezimvume zokuba kuleli bangabhalisa, kodwa akekho okumele enzelwe umkhonyovu ngoba uzoyikhotha imbenge yomile.

Uthi kumanje abomthetho baqhuba imikhankaso yokuvundulula izimpahla ezikuleli ngokumthetho ezifihlwe kuma warehouse nasemphakathini imbala.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background